Uncategorised

ULWANDLE LUKHAFULA IKHANDA LOMUNTU ESCOTTSBURG

ULWANDLE lwase-Pennington olukhafule ikhanda lomuntu. ISITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

KUTHOLAKALE ikhanda lomuntu elikhafulwe ulwandle iPennington, eScottburgh, nosekudale imibuzo kwabaningi ukuthi ngabe leli khanda elomunye walaba abathathu abangakatholakali abathathwa ulwandle, ngosuku lukaNcibijane kulo nyaka.

Imibiko eyakhishwa abezinhlekelele esifundazweni (Provincial Disaster Management Centre), bathi bathola imibiko ngezikhathi zantambama ngoLwesine mhla lulunye kuMasingana, kubikwa ukuthi kunabantu abaminzile ePennington.

Ithimba Lokutakula nokuphenya nabatshuzi baseMdoni kanye nabanye bezimo eziphuthumayo banikela
khona.
“Mithathu imizimba eyatholakala isidlulile emhlabeni okungabesilisa ababili abaneminyaka engama-21 ubudala, nentombazanyana eneminyaka eyi-18 ubudala, umzimba wayo owatholakala eBazley Beach,” kusho abezinhlekelele kwistatement.

Ababili bakwazi ukuthola ukuhlengwa baphuma bephila kwase kuthi abathathu besilisa abaneminyaka engama-21 ubudala bebengakatholakali kuze kube manje, njengoba ulwandle selukhafule ikhanda lomuntu.