ASESEMOME AWEMIKLOMELA YABANGCWABI

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
KUHLANGENE abangcwabi abazimele, ukwenza umcimbi wezindondo obizwa ngama National Funeral Business Lifetime Achievement Awards, ukuhlonipha abangcwabi abenza kahle kulo mkhakha eMzansi.
Lo mcimbi uzokuba seDurban International Convention Center (ICC), mhlaka 6 April ngo-6 ntambama.
Abasunguli nguMnuz Muzi Hlengwa weBejay Funeral, uMnuz Veli Shangase weBhekayena FS, uNhlakanipho Cele we-The Domes FS noMnuz Allick Bojosi weBokone Bophorima FS.
Ngokusho kukaMnu Muzi Hlengwa uthe, lo mcimbi bawenza ukugqugquzela ukuhlonipha umsebenzi.
” Lomkhakha wethu kuningi okuhle ngawo, kodwa kuyaye kube okuncane, okusigejanisa nabelungu bethu okungabantu abasithembe ngezimpilo zabo. Sizogqugquzela ukwenza kahle,” esho.
Okuhle ukuthi zonke izinkampani zabagqugquzeli, azingenelanga.
Imikhakha engenelwayo iyi-16, sekungenele abangama shumi amane (40), kanti ukungenela kuvalwa mhlaka 30 March ebusuku.
Amathikithi uR750 umuntu eminye, R1000 bebabili.
VIP R1500, VVIP R2500, Platinum R3500.
Akhona nawamatafula. Xhumana no Allick Bojosi ku 0766745666 noma uDalisu Gumede ku 0788226418
