
UNGIZWE UTSHELE UJACINTA NOPHAKELA BAYEKE UKUKWEBHANA

UNGIZWE Mchunu ongomunye wabaholi abebeseka iMarch and and March .

UNKOSIKHONA Phakelumthakathi Ndabandaba obengomunye obehamba phambili ukuhlela amamashi eMarch and March

UMSUNGULI nomholi weMarch and March uNkk Jacinta Ngobese Zuma.IZITHOMBE: FACEBOOK
OWAMI THABETHE
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu, ugxeke esidlangalaleni ukungezwani phakathi kukaPhakelumthakathi Ndabandaba noJacinta Ngobese Zuma, ethi le mpi yabo ayisizi ngalutho ngoba abantu bayabadinga bobabili.
Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma bukhoma ezinkundleni zokuxhumana, echaza nangokungaveli kwakhe emashini yakamuva yale nhlangano.
UNgizwe ukhale ngokuziphatha kukaPhakelumthakathi, emsola ngokusebenzisa amazwi adelelayo naqondiswe kuJacinta ezinkundleni zokuxhumana. Uthe akahambisani nendlela aziphathe ngayo, ikakhulukazi njengoba uJacinta engowesifazane oshadile.
“Kuningi nami engingakusho ngoJacinta, kodwa ngiyahlonipha ukuthi uganile, ngakho ngeke ngilwe nomfazi womuntu esidlangalaleni,” kusho uNgizwe.
Uveze ukuthi nakuba engazwani kahle noPhakelumthakathi, uyakwazi ukusebenzisana naye, uma kuziwa emsebenzini yokulelwa izwe, ngoba uyabona ukuthi le nhlangano ibadinga bobabili ukuze iqhubeke nomsebenzi wayo.Ukungaboni ngaso linye kwalaba baholi sekuphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba sekuhlukanise phakathi amalunga eqembu le March and March.
