
AMAVIYO ASEBENZISA UMCULO UKUCIJA INTSHA

AMAVIYO ecula ku-Amaviyo Friends and Tours. IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA
OWAMI THABETHE
IQEMBU lomculo wombholoho Amaviyo, seliphendule umculo wesintu ithuluzi lokukhulisa nokweluleka intsha, ngenhloso yokuyiqhelisa ebugebengwini nasezidakamizweni.
Leli qembu livakashele abafundi baseMyekwa Secondary School, eMaphephetheni, mhla ziyisi-8 kuMfumfu, ngokohlelo lwalo i-Amaviyo Friends and Tours, oluhlanganisa umculo, ukuzijabulisa nokukhuthaza intsha ekuthatheni izinqumo ezinhle zempilo.
Umsunguli waMaviyo, uSibongakuye Gcwensa, uthe bafuna ukukhuthaza intsha ukuthi ingawathathi kancane amakhono ayo, njengoba engaba yindlela yokuguqula impilo yayo.“Inhloso yethu ngokuvakashela izikole ukuzama ukuqhelisa intsha ezintweni ezingalungile, siphinde siyinike ithemba lokuthi ingawabukeli phansi amakhono ayo, ngoba ngelinye ilanga angakwazi ukuthi baziphilise ngawo futhi ababeke esecongweni,” kusho uGcwensa.
Lo mcimbi ubuxhaswe yizinkampani okubalwa kuzo i-Iziko Arts Company, u-Umusa Media, i-Bonani Streaming, i-Thuthuka Thuthuka neWestwood College, ngenhloso yokufeza umbono waleli qembu.Amaviyo abehambisana nabaculi nosomahlaya okubalwa uSlash SA, iMalini, Abafosi, uSthembiso Pro Ndlovu, iNqwele noMshana, abanike abafundi ithuba lokuzithokozisa ngesikhathi bethola neziyalo ezingabasiza ekwakheni ikusasa elingcono.
