
UPHINDE WABOSHWA UNSIBANDE NGEMUVA KOKUNIKWA IBHEYILI
AKHONA DLAMINI
ISISHOSHOVU seMarch and March, uWandile Nsibande, siphinde saboshwa kungakapheli nehora sithole ibheyili ye-R1 000 yamarandi, eNkantolo yeMantshi eThekwini mhla ziyi-16 kuMfumfu.
UNsibande, kuvele ukuthi ubengaphandle ngoshwele ngecala okuthumba elenzeke ngonyaka ka-2009, ube esebuyiselwa ezikhindini ngenxa yokwephula imibandela yashwele wakhe. Ukuboshwa kwakhe kuphazamise injabulo yamalungu eMarch and March abekade ejabule ngokukhululwa kwakhe ngebheyili.
Umholi wale nhlangano uJacinta Ngobese-Zuma, ubonge umyeni wakhe uXolani Zuma ngokulwa enkantolo njengoba ebengummeli kaNsibande, wabe eseqinisekisa ukuboshwa kukaNsibande.
“Ngithanda ukubonga ingane kaMaMthiyane, lowo obengummeli waNsibande ngokulwa okuhle akulwile ngaphakathi enkantolo kusukela ekuseni. UNsibande uphinde waboshwa futhi ngesikhathi esanda kuthola ibheyili. Sizolinda amahora angama-48 ukuze sizwe ukuthi laba bashwele (Parole Board) ukuthi bathatha siphi isinqumo,” esho.
UJacinta unxuse amalungu eMarch and March ukuthi angenzi into ezowafaka enkingeni, njengoba amaphoyisa ebacuphile.
