Uncategorised

UCHITHA OYOKUGAQELA ISIKHUNDLA SOBUMENGAMELI WE-IFP

UMBIKO:ZETHU PHOSWA

USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz uThamsanqa Ntuli uchitha eyokufuna isikhundla sobumengameli weqembu.
Lokhu ukuchaze ngesikhathi bebize isithangami sabezindaba ekomkhulu le-IFP namuhla, eThekwini, ezochaza ngokuphonsela uMengameli

ukhulume okokuqala kwabezindaba mayelana nokuphonsela inselelo uMengameli we-IFP uMnuz uVelenkosini Hlabisi esikhundleni sokuba uMengameli waleli weqembu.
Lokhu kulandela ukuthi kulo nyaka i-IFP imemezele ukuthi ngonyaka ozayo izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi.

Ngemuva kokuvela kwalezi zindaba kuvele amahlebezi okuthi kukhona izinhlaka zophiko le-IFP ezizimisele ngokuphakamisa uNtuli kwesobumengameli.

UNtuli uwachithile lawa mahlebezi wathi akaze nangelanga elilodwa kube khona isikhundla asifunayo.

“Sinaye uMengameli eqenjini, sinalo iPhini likaMengameli sinaye noNobhala jikelele. Angazi lokhu okukhulunywayo, kokuphakanyiswa, ngizophakanyiswa uma kwenzenjani, ngeke ngisamukele leso siphakamiso,”kusho uNtuli ehleka.