Uncategorised

KUGQUGQUZELWE UKUTSHALWA KWEZIMALI KWIZINGQALASIZINDA ZEZEMPILO

UNGQONGQOSHE Nomagugu Simelane ngesikhathi zihambele indawo yokwakhiwa kwezibhedlela. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI


KUGQUGQUZELWE ukwakhiwa kwezingqalasizinda zezempilo kubatshali zimali, ngenhloso yokuphucula ezempilo nokwakha izizinda zezempilo zabantu.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane noNgqongqoshe Wezokwakha Nengqalasizinda uMartin Meyer, ngesikhathi bevakashela eKing Dinuzulu Hospital Complex eThekwini, namuhla.
USimelane ugcizelele ukubaluleka kokutshala izimali ezingqalasizindeni zezempilo.
“Lezi zinguquko azakhi nje ifa elihlala unomphela, kodwa ziyizizinda sempilo yabantu, ziqinisa imphakathi futhi zithuthukisa izinga lezinsiza zezempilo kwisifundazwe,” esho.
Lokhu bathi bakwenze ngenhloso yokuthi bahlole izinhlelo zokwakhiwa kwezibhedlela. Baveze ukukhathazeka ngokubambezeleka kwamaphrojekthi abalulekile, kanye nenye esithathe iminyaka eyi-12 ukuthi iqedwe.