Izindaba

UHLABISA UQINISA UBUDLELWANO BE-IFP NABANTU

UHLABISA ngesikhathi ethula usomqulu we-IFP eSoweto.ISITHOMBE: IFP

OWAMI THABETHE

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP) uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthathe elinye igxathu ngokushiya isifundazwe saKwaZulu-Natal eyokhankasa eGoli, njengoba kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya. UHlabisa uhole umkhankaso wokungena umuzi nomuzi ehambisana nozomela iNkatha kwesobuMeya uCllr Mlungisi Mabaso eGoli, ngoLwesibili mhla zingama-20 kuMfumfu eSoweto.

UHlabisa ungene umuzi nomuzi exoxa ngqo nezakhamizi zase Soweto ethula usomqulu we-IFP, egxile amathubeni emsebenzi, ukulwa nenkohlakalo nobugebengu, ekuthuthukiseni ingqalasizinda nabantu abaphila ngokukhubazeka. Ugcizelele ukuthi iqembu lakhe aligcini ngokukhuluma kodwa lenza izinto ezibonakalayo.Akagcinanga ngokukhankasa kodwa unikele ngokusemthethweni ngendlu elungiswe kabusha emndenini oswele wakwa Kganyago eMeadowlands, eyasha ngesikhathi kuqhuma isigubhu sikagesi.

Uthe lokhu yingxenye yemizamo ye-IFP ukuqinisekisa ukuzibophezela kweqembu ekubuyiseni isithunzi nokuthuthukisa izimpilo zabantu eNingizimu Afrika.”Ukubuyisa isithunzi kubantu kuhlale kuhamba phambili eqenjini lethu, sikubeka phambili ukuthuthukisa izimpilo zabantu ngaphambi kokuba sicele ivoti”, kusho uHlabisa