
KUVULWE ISIKHUNGO ESISHA KWAXOLO

ISIKHUNGO esisha okuhloswe ngaso ukuheha izivakashi.

UNGQONGQOSHE uMfu Musa Zondi ngesikhathi egibele isithuthuthu okuzohehwa ngazo izivakashi.

EZEMIDLALO ezingasetshenziswa yizivakashi kule ndawo. IZITHOMBE:ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
BEKUVUNGUZA umoya wenjabulo ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, ethula ngokusemthethweni ephinde enikela ngesikhungo sokuvakasha KwaXolo Caves Adventure Centre, eduze kwaseMargate, ngoLwesibili, mhla zingama-20 kuMfumfu 2026.
Lo msebenzi odle izigidi eziyi-R6.15m uhlanganisa ukwakhiwa kwesakhiwo esinezindawo zokudlela, isitolo sekhofi, izindlu zangasese zezivakashi, amahhovisi nezindawo zokugcina impahla. Ekhuluma kulo mcimbi, uZondi uthe izikhungo ezinjengalezi ziletha ithemba emiphakathini nakwezomnotho.
“Silapha ukuzobungaza ukuvulwa kwalesi sakhiwo esihle kangaka, okuthiwa iKwaXolo Project. Usuku lwanamuhla lubaluleke kakhulu ngoba asizile ukuzoshayela izandla umsebenzi omuhle osuphethiwe kuphela. Kepha usuku lwethemba nolusivezela amathuba amasha futhi amaningi.Thina njengomnyango sihlezi sizinikele embonweni wokuthi ezokuvakasha akumele zigxile ezindaweni zasedolobheni kuphela.Nezindawo zasemakhaya ziyadinga ukuthuthukiswa ukuze zibe nesandla emnothweni wakuleli,” esho.
UZondi uqhube wathi lesi sikhungo sizodala amathuba emisebenzi kumphakathi wakwaXolo.
“Ngidabuke kakhulu ukubona intsha yakule ndawo isihleli ezitolo ngesikhathi ngifika ekuseni. Lokho kungibonisile ukuthi intsha ayinayo imisebenzi evuka iye kuyona.Nginethemba lesi sikhungo sizoba usizo kwabaningi njengoba kuzovuleka amathuba emisebenzi,” kuqhuba yena.
