BAFUNA ADINGISWE UMSOLWA ODLWENGULE INDODAKAZI YAKHE (10)

AMALUNGA omphakathi evale isango lomuzi kaLucky Shabane osolwa ngokudlwengula.

ISITHOMBE sikaLucky esihambisana nombhalo othi akabolele ejele ngesenzo asenzile. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UMPHAKATHI udinwe wavala isango lomuzi walowo osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyi-10 uLucky Shabane, eMgungundlovu elokishini eBB eMbali mphakathi nezwe izolo ebusuku.
ULucky usolwa ngokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe eneminyaka eyi-10 ubudala.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa umphakathi ubudinwe ufane unwabu.
Umthombo othembekile utshele leli phephandaba ukuthi amalunga omphakathi avale isango lomuzi kalomsolwa watoyiza washisa amathayi, kanti uthi awusamfuni endaweni. “ULucky kuthiwa kuningi akwenzile okungekuhle, futhi okungalungile njengoba nezinye izisulu ziqhubeka ziphumela obala. Lo msolwa uboshwe ngeSonto ekuseni, eboshelwa esibhedlela okuyilapho indodakazi yakhe ithola khona ukuhlengwa, amaphoyisa abe eseza naye emzini wakhe, ukuze akhiphe isibhamu lesi ebesabisa ngaso ingane yakhe,” kusho umthombo.
