Uncategorised

USHINGA UMEMEZELE UKUVULWA KOXHASOMALI LWAMA-NPO

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga umemezela ukuvulwa kwezicelo zoxhasomali lwezinhlangano ezingenzinzuzo. ISITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI

PHUMELELE DLAMINI noNOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga, uthule ngokusemthethweni isikhwama soxhaso lwezinhlangano ezingenzinzuzo namuhla kwaNto’s Boutique Hotel eThekwini.
UNgqongqoshe uShinga uthi leli gxathu elithathwa umnyango lizobuyisa ubulungiswa, okuzokwenza zonke izinto zihlale obala, ukuziphendulela kwizinhlangano ezinakelela imiphakathi ebuthaka okanye esengozini.

UNgqongqoshe uveze ukuthi inhloso yokusungula lesi sikhwama umthetho obizwa ngeSector Funding Policy, owabekwa ngo-2022, ngemuva kwezinhlangano ezahambisa uhulumeni enkantolo mayelana nendlela engacacile anikeza ngayo imali izinhlangano ezingenzinzuzo.

Umthetho iSector Funding Policy kungumgomo woxhasomali oluqinisekisa ukuthi imali uhulumeni axhasa ngayo izinkampani ezingenzinzuzo yabiwa ngokulingana futhi konke kuba sobala.

“Umthetho iSector Finding Policy wabekwa ngo2022, kodwa sonke lesi iskhathi uhulumeni akakaze enze uhlelo lokuwufeza, ngakho-ke njengoba izinhlangano ezingenzinzuzo ebezinezinkontileka sekuphele isikhathi sazo sokusebenza, leli ithuba lokuvulela zonke izinhlangano ezingenzinzuzo ukuthi nazo zithole ukuxhaswa. Lokhu kusinika ithuba njengoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi sibheke izinhlobo zemisebenzi ezethulwa ilezi zinhlangano, ukuthi ziyahambisana yini nezinkinga ezivame ukwenzeka kulesikathi samanje, njengoba kunokunyuka kokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane,” kusho uNgqongqoshe uNksz Shinga.

Kuvulwe ngokusemthethweni namuhla zingama-21 kuNhlaba 2026 ukufaka izicelo zoxhasomali, kuyoze kuvalwe mhla zingama-30 kuNhlangulana 2026, amafomu ayatholaka kwi-website yoMnyango nakumaphephanda okubalwa ILANGA ne-Isolezwe.
UNgqongqoshe ugqugquzele zonke izinhlangano ezingenzinzuzo ezifanelekile ngokwemibandela ebekiwe, ukuthi zifake izicelo zokuba yingxenye yalolu xhasomali oluzoba sobala.