Izindaba

IYAQHUBEKA IPHROJEKTHI YOKWAKHA IZINDLU E-REDCLIFFE

AKHONA DLAMINI

ITHEMBA lokuthola ikhaya elinesithunzi liyavuseleleka kwizakhamizi zaseRedcliffe, njengoba uMasipala weTheku uqhubeka nephrojekthi yokwakha izindlu, ehlose ukusiza imindeni ehlala ezindlini ezingagculisi. Lokhu kuvele ngesikhathi ithimba labezindaba livakashele i-Redcliffe Housing Project.

UCharmaine Kok onguProject Manager, uthe nakuba kusaqhubeka ukwakhiwa kwezindlu kodwa seyikhona imindeni ehlala kwizindlu eseziphelile.

“Seyikhona imindeni ehlalayo kwizindlu eseziphelile, ukuphepha kwayo siyiqaphe ngeso lokhozi njengoba ukwakha kungakaphothulwa. Sibala nogogo oneminyaka engama-96 ubudala obehlala emkhukhwini. Simsuse endlini abehlala kuyona ebeyingekho esimweni esigculisayo, simletha lapha, sibe sesiyidiliza ukuze kungabi khona ozayohlala khona ngoba inhloso yethu ukususa abantu ezindlini ezingekho esimweni,” kubeka uKok.

Uqhube wathi abangasizakala ngokuthola izindlu eRedcliffe abantu baseNingizimu Afrika, imindeni ehola imali engaphansi kuka-R3 500 ngenyanga, abantu abahlala emijondolo, abakhubazekile, izingane eziphethe amakhaya kanye namasosha asethathe umhlalaphansi.