INTATHELI ENOHLONZO IJOYINE I-EAST COAST RADIO

UPHILA Duma-Mthembu ojoyine i-East Coast Radio.ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
INTATHELI enohlonzo esimklantshubomvu edume kakhulu uPhila Mthembu, ujoyine ngokusemthethweni isiteshi somsakazo eThekwini i-East Coast Radio njengomethuli wezindaba.
UPhila waziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe kwi-Vuma FM lapho ayesebenza khona njengomethuli wezindaba nentatheli. Ujoyine i-East Coast Radio, ngemuva kokulaxaza isiteshi sikamabonakude iNewzroom Afrika njengentatheli, lapho aqhubeka khona nokuzakhela igama ngokubika izindaba ezisematheni ezweni.
Ngemuva kokushiya eNewzroom Afrika ngoNdasa ka-2026, uqhubekile nokusabalalisa izindaba ezithinta isifundazwe saKwaZulu-Natal, ezinkundleni zakhe zokuxhumana, ikakhulukazi ngesikhathi semibhikisho edonse amehlo abantu abaningi. Ukubuyela kwakhe emsakazweni ngokungena kwi-East Coast Radio, kulindeleke ukuthi kuqinise ithimba labezindaba lalesi siteshi, njengoba eza nolwazi olunzulu emkhakheni wobuntatheli nasekwethuleni izindaba
