Uncategorised

BELIDAKIWE ISOKA ELIDUBULE LABULALA IZELAMANI

UNKSZ NOMBULELO LIFANI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

LUBONAKALA luseyinzukasikeyi elokuhlukunyezwa kwabesifazane eMzinto.
Lokhu kulandela ukuthi owesilisa uNkanyiso Shezi, edubule wabulala izelamani zakwaLifana ezimbili uNksz Nandipha Lifani (32) ongunina wezingane zakhe ezimbili noNksz Nangamso (28) okungudadewabo kanina wezingane, bashonela khona esigamekweni.
Akagcinanga ngokudubula abulale lezi zilamani, uphinde wadubula nomakhelwane odubuleke kanzima emlonyeni naye wazingqokloza wafa.
UNkz Nombulelo Lifani osinde ngokulambisa uthi akubonile soze kwaphuma emqondweni wakhe, ebona izelamani zakubo zidindiliza phambi kwakhe.
“UNkayiso ufike ekhothe izimbiza zikaFaro kodwa bezingameqanga. Bekubonakala ukuthi udakelwe emqondweni. Uhilizisane nodadewethu ongunina wezingane zakhe. Kuthe kusenjalo wadonsa isibhamu wasiphisela enyameni kudadethu. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka udadewethu omncane, wathi uyabuza ukuthi yini, wayishaya enyameni inhlavu,,” esho.
Uthi yena umgxumelile babanga isibhamu, wakwazi ukumphusha, waphulukundlela.
“Ngithe ngisaphuma ngaso esamagundwane leso, kanti kuzoqhamuka umakhelwane. Uthe eqhamuka umakhelwanr kanti naye uzodubuleka umlomo. Le nhlamvu eshaye umakhelwane ngisola ukuthi ibibelethiswa mina, kanti izongena kumakhelwane,” esho.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthi nakuba udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane luseyinsukasikeyi, kodwa bazozama ukulwa nalesi sihlava.