
UNOMTHAWELANGA UHAYE KWEZWAKALA KWI-ISUKILE
UNOMTHAWELANGA ethola umklomelo kuNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula.
IMBONGI yaseMandeni uThandolwethu “Nomthawelanga” Dumisa, ikhale yemuka nesicoco sokuqwaqwada zonke emakhanda izimbongi zesifunda ILembe, kumncintiswano obuhlelwe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko i-Isukile.
“Ngibonga umnyango ngokuveza lelithuba. Bekungemnandi ekuhambeni kwendlela njengembongi kusuka ku- 2016, kodwa indlela yezobuciko inde. Into engingayisho kubantu abasakhula ukuthi abazithande babekezele ngoba impumelelo iyalindwa,” kusho uNomthawelanga.
Uthe uthando lwezinkondlo walungcela kunina. “Mina ngaqala ukubhala ngenza u-grade 4. Umama wangishiya ngisemncane, kepha ngaqala ukubhala mayesedlulile emhlabeni. Inkondlo engidlise ngayo ku-Isukile ilena engayibhala umama esanda kungishiya. Enkondleni ngiveza amazwi akhe okugcina awakhuluma kimina. Uyidlozi elihle okaDumisa ngoba noma ngiyihaya konke kuhamba kahle,” kuchaza uNomthawelanga.
Uveze ukuthi ubukele kakhulu kuScelo Mpungose, imbongi evelele eseyadlula emhlabeni. ” Ngiyawuthokozela kakhulu lomklomelo. Kulukhuni eMandeni ngenxa yokuthi indawo incane. Mina ngisizwe ukuphumela ngaphandle ngibonise ngobuciko bami kwamanye amadolobha ukuze ngikhule” kuvala uNomthawelanga.
