
KUXOSHWE ABANECALA LOKWEBA UDIZILI ETHEKWINI

KUBOSHWE abebentshontsha udizili emalolini kaMasipala weTheku. IZITHOMBE : ETHEKWINI MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
BAXOSHWE baboshwa abasebenzi abayi-7 bakaMasipala weTheku, kulandela ukutholwanecala lokweba udizili. Lokhu kwenzeke phakathi kuka-Mfumfu 2025 noMandulo 2026, kanti abayi-4 baxoshwe ngenyanga kaNcwaba 2026.
Kukhona ababili abatholakala besebenzisa izicelo zikaphethiloli ezingelona iqiniso ukuze bathole udizili eziteshini zikamasipala isikhathi esingaphezu konyaka, kanti umonakalo odalekile ufinyelela ezigidini zamarandi.IMenenja kaMasipala, uCllr Musa Mbhele, ithe umasipala uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo ezinqala kulabo abasebenzisa budedengu izinsiza zomphakathi.
“Izinsiza ngezabantu baseThekwini futhi kumele zisetshenziselwe ukufeza izidingo zomphakathi kuphela. Kuzothathwa izinyathelo ezinqala kunoma ubani owenza izinto eziphuma eceleni, kungakhathalekile isikhundla ,” kusho uMbhele.
UMasipala unxuse izakhamuzi, izinhlangano zabasebenzi, amabhizinisi kanye nomphakathi ukuthi basebenzisane nawo ekulweni nenkohlakalo nasekuqinisekiseni ukuthi izinsiza zomphakathi zisetshenziswa ngendlela efanele.Izakhamuzi zingabika inkohlakalo ngokushayela inombolo yamahhala ethi 0800 20 20 20 noma zithumele kwimeyili ethi: ombuds@durban.gov.za
