Uncategorised

LUSEYINZUKASIKEYI OLWE-BHANGE ITHALA

UMBIKO: ANELE ZUMA

NAKUBA elumele ngazo zombili udaba lwebhange Ithala uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnuz Thami Ntuli, kodwa lubonakala lusafana neqhula elingenambobo.
Lokhu kuhlale obala ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ehhovisi likaNdunankulu eThekwini namuhla, okuvele ukuthi baphinde bahlangabezana nembibizane yokubuyiselwa enkantolo futhi.
UNdunankulu uNtuli uthi ngemuva kokuthi beluyise enkantolo lolu daba, kube sekuphuma isinqumo sokuthi ibhange liqhubeke nokusebenza, okubuye kwajika esikhaleni kwathiwa sekufakwe isicelo sokuthi isinqumo sibuyekezwe.
“Sizoqhubeka nokweseka ibhange Ithala, ukuze lihlale liphila. Okubuhlungu ukuthi kunabantu abathembele kulo leli bhange, abangakwazi kunyakaza ngenxa yemali yabo evalelekile. Yingakho sizolwa ngakho konke ukugcina leli bhange likwazi ukusebenza,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Isabambene phansi phezulu ne Prudential Authority, njengoba ibamba ngamankwahla ngomthetho owodwa, abawuchibiyela ngonyaka ngonyaka wezi-2018, okuyiyona bagweve ngawo ukungabaniki ilayisense.
Leli bhange liyakwazi ukwenza yonke imisebenzi kodwa linqindwe amandla ekukhipheni imali.
Ephetha, uqinisekise ukuthi bazokweseka Ithala SOC Bank.
Isikhulu esiphezulu seBhange Ithala uDkt Thulani Vilakazi uqinisekise amakhasimende aleli bhange ukuthi nakuba kulokhu kuba nobuhixihixi kodwa izimali zabo zisaphephile..