Uncategorised

SEKUQOQWE IMALI EYI-R3.1 MILION NGOWE-DUNDEE

UMBIKO: THOLANI NGCOBO

BAGAQELE ukuqoqa imali eyi-R5 million, ukwenza umjaho womtelebhelo owaziwa nge-Dundee July, njengoba sebekwazile ukuqoqa efinyelela kwizigidi eziyi-3.1, ukuze njengoba uzokubsa neminyaka eyi-20 wasubgulwa .
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni lo mjaho, ozokuba mhla ziyi-19 kuJuly.
Uthi lo mjaho uzokuba mhlaka 19 July, ngomhlaka 18 July kuzokuba ne-Expo lapho kuzocobelelwa ngolwazi intsha ngomjaho ifundiswe okuningi okuthinta namahhashi uqobo.
“Lo mjaho akusiwona nje umjaho kodwa indlela yokubumbana nokuxhumana okuxube injabulo ngemfashini nokuqhakambisa nokungamagugu. Lo mjaho ukhula ngamandla kanti usuzakhele ugazi nakwenzinye izifundazwe nakwamanye amazwe as e-Afrika, “ esho.
Uthi lo mjaho awugcini ngokujabulisa abantu kodwa uphinde uklame indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho.
UKhawula uphinde wahloniphe umndeni kaMike Mthembu okunguye owasungulwa lo mjaho, waphinda wabonga nabaxhasi balo mjaho.