Uncategorised

IZIKO LIZOKWETHULA EYE-BOOK FAIR

UMBIKO: ANELE ZUMA

IZIKO Art lizokwethula ngokusemthethweni i-Iziko Art International Book Fair, mhla zingama-25 kuNhlaba 2025, ngo-11h00 ekuseni e-Albany Hotel, eDurban CBD.
UMntomuhle Mcambi ongumsunguli we-Iziko, okunguye ohlela lo mcimbi, uthi inhloso ukuveza amakhono ababhali nokuvumbulula amakhono entsheni okubalwa nesasezikoleni.
Uthi umcimbi omkhulu uzokuba kusukela mhla ziyi-5 kuya ku-11 kuMandulo 2025, okuzokuba kukhangiswa ngobuciko bokushicilela.
“Sikholelwa emandleni okuxoxa izindaba, ukuxhumanisa, ukufundisa nokunika amandla imiphakathi”, kusho uMcambi.
Uthi ukuqaliswa kwalo mkhankaso akuwona nje umcimbi; kuwukuzalwa komzabalazo wokubeka izincwadi namasiko enhliziyweni yentuthuko eThekwini namaphethelo.
Uveze ukuthi izinto ezizobe zivelele kulo mcimbi zihlanganisa izinkulumo eziyisihluthulelo, imibukiso yamasiko nokuboniswa kwezincwadi.
Lo mcimbi uzokwethula imigomo yomkhosi yokukhuthaza ukufundwa, ukugubha izilimi zomdabu, nokuhlanganisa ababhali base-Afrika nabokufika.