Uncategorised

UMKHOSI WENGOMA UZOGUJWA MINYAKA YONKE

UMHLONISHWA Khawula weseka eyomcimbi weHalala Embo Ingoma Festival ukuthi igujwe minyaka yonke.
ISITHOMBE : MTHOKO MKHIZE

MALIBONGWE MAZIBUKO

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uMntomuhle Khawula, uthe umnyango wakhe uzonikeza ukweseka umcimbi weHalala Embo Ingoma Festival, owenziwe okokuqala ngesonto, ngenhloso yokuwenza umcimbi wenzeke minyaka yonke.

Lokhu kulandela impumelelo emihle nokwamukelwa kahle kwalo mcimbi umphakathi nezibukeli, lapho kugqanyiswe khona ingcebo yamasiko esifundazweni futhi kwaqiniswa ukubumbana nokuhlangana kwemiphakathi.

Naphezu kokuba kuwumcimbi wokuqala, lo mcimbi ubonakale unemibala eminingi futhi uhanjelwe kahle, ubanjelwe enkundleni evulekile encane esendaweni yaseNgolela.

Ubuye wasebenza njengengxenye yokulungiselela ukuvulwa okukhulu okuhlongozwayo kweziNgoma, okuzoba umcimbi waminyaka yonke ngoMbasa.

UMnuz Khawula uthi uzosekela imizamo, isikhathi eside njengoba eseyingxenye kahulumeni, egcizelela ukubaluleka kokugcinwa nokuthuthukiswa kwamasiko nokwakha ukubumbana komphakathi.