OWOKHOZI FM NOWENDUKU EMA MPO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
KUBATSHAZWA imbiza yamadoda anelisa abesimame embhedeni ethakwa umethuli wezinhlelo zezemidlalo oKhozini FM uNolwazi Machi. Le mbiza ebizwa ngokuthi Mshove idayiswa ubuthaphuthaphu kanti ngenxa yokunconywa kwamandla ayo, lo msakazi usenqume ukuhambisela amakhasimende akhe lapho asuke ehlala ngakhona.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekupheleni konyaka odlule uNolwazi wamemezela ukuthi usanda kuphothula umsebenzi wokungena ebungomeni. Usebenzisa kakhulu ikhasi laku Facebook ukuphusha le mbiza yakhe, amadoda nabesifazane abayincomayo ngamandla ayo.
Echaza ngalo msebenzi wakhe wokudayisa imbiza uthe. “Ngiyidayisa ngamanani aphansi eyenza ubaba abe yisikhwishikhishi embhedeni. kanti abayisebenzisayo bayayincoma okuyinto engikhuthazayo kakhulu ukuthi ngiqhubeke ngibathakele,” esho kanje.
Uthe ngaphandle kwale mbiza yasembhedeni uthe kunemithi yabesifazane amatasa ngayo ngokuyithaka.
