UGCINE EPHUMELELE OKA-PLEASE CALL ME

UMNUZ Nkosana Makate owasungula uplease call me. ISITHOMBE:: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UGCINE ufinyelele emaphethelweni umdonsiswano wokuthola isinxephezelo sika-Please call me obusudonse iminyaka eyi-17.
UMnuz Nkosana Makate ugcine evumelene nenkampani yezokuxhumana kuleli uVodacom ngesinxephezelo, ngecala lokuhlawulisa uVodacom ngokusebenzisa Please Call Me, ngaphandle kokumkhokhela, selokhu laqala ukudingidwa ngonyaka ka-2008, ngenani elingadalulwanga.
“Udaba seluxazululwe yizinhlangothi zombili. Zombili izinhlangothi zijabule ngokuthi sekufike isiphetho mayelana nalokhu. NgoLwesibili mhlaka-4 kuLwezi, ibhodi lakwaVodacom ligunyaze isivumelwano sokukhokha isamba esingadalulwanga njengoba udaba lwaxazululwa yizinhlangothi zombili ngaphandle kwenkantolo,”kusho uVodacom esitatimendeni esishicilelwe ku-JSE.
Abakwa-Vodacom baveze ukuthi isinxephezelo sibaliwe emiphumeleni yesikhashana yale nkampani yezinyanga eziyisithupha eziphele ngomhla ka-30 kuSepthemba 2025.
