USEPHENDUKE ISILOMO OWAMAPHOYISA E-KZN

AKACONSI phansi kubantu abaningi umphathi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGen Nhlanhla Mkhwanazi, kulandela izincomo ngokwenza kahle emsebenzini wakhe.
UGen Nhlanhla Mkhwanazi osezakhele igama ngokulwa nobugebengu kulesi sifundazwe, okubonakala kuncipha ukubulawa kwabantu nobugebengu ngoba alufakwa KwaZulu-Natal.
Lokhu kuhlaluke obala ngesikhathi kunochungechunge lokuhambela izinxanxathela zezitolo namarenki, uMkhwanazi ehamba noNdunankulu waKwaZulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngenhloso yokuqinisekise ezokuphepha kulawa maholide.
Abantu bebelokhu bembiza ngezindlela ezahlukene bemthopha nangezithakazelo, bethi ‘Khwanazi wethu, Ndonga wethu, uyithemba lethu, mlungisi wekhantri’.
Lokhu kuze kwafakazelwa uNdunankulu uNtuli athe kumjabulisa kakhulu ukubona uGen Khwanazi ethakaselwa kangaka.
“Ukuthakaselwa kukaMkhwanazi kungijabulisile kakhulu ngoba kuyizinkomba zokuthi amaphoyisa ayasebenza. UGen Mkhwanazi akaqhubeke nomsebenzi omuhle ngoba umphakathi uyayibona imisebenzi yakhe emihle,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
