Uncategorised

USHINGA UVAKASHELE IZIKHUNGO ZABADALA ETHEKWINI

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga exoxa noNksz Viola Ncanana oseZibambeleni Old Age Home KwaDabeka.

IZALUKAZI zaseZibambeleni Old Age Home zilalele inkulumo kaNgqongqoshe. IZITHOMBE: KZNDSD

NOMCEBO NGEMA

UNCOMA inhlanzeko yezikhungo kanye nenhlalakahle yabantu abadala abangama-74, abasuswa ekhaya labadala KwaMashu Christian Care Society, zayiswa eZibambeleni Old Age Home, KwaDabeka eClermont nase-Aryan Benevolent Home eChatsworth.
Lezi zincomo zishiwo uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga, ngesikhathi evakashele lezi zikhungo ezimbili izolo, ngenhloso yokubheka inhlanzeko nenhlalakahle yabadala ebasuswa KwaMashu.

UNgqongqoshe uthi baqhuba umkhankaso obizwa nge-Operation Siyahlola, kulandela udaba olwaba sematheni ngeKwaMashu Christian Care Society, olwaholela ekutheni bakhishwe bonke abantu abadala ebabegcinwe kuleli khaya, zatholelwa amakhaya amasha eClermont naseChatsworth. “Selokhu sangena kulohulumeni sihlale, sihlale sizivakashele lezi zindawo ezigcina izingane, abantu abadala nabaphila nokukhubazeka, iKwaMashu yayingeyona eyokuqala.
Kwasiphoqa siwuMnyango ukuthi sibakhiphe abantu abadala kuleliyakhaya, ngenxa yezingqinamba eziningi sazitholela amanye amakhaya. Inhloso yokuvakasha kwethu ukuhlola indawo abahlezi kuyona, kanye nokubheka ukuthi ngabe bayajwayela yini kulezindawo ezintsha,” kusho uNgqongqoshe uShinga.

Uthi kuyamjabulisa kakhulu ukuthola umbiko omuhle oqhamuka kubona abantu abadala, ngokuhlala kahle kwabo kanjalo nanempatho efudumele eziyitholayo. “Kuyangijabulisa ukubabona bejabule kangaka, behlanzekile futhi bechachambile nasebusweni. Nginxusa zonke izinhlangano ezingenzi nzuzo ukuba zisebenzise imali eqhamuka kuMnyango ngendlela efanele, yenze zonke izidingo zabantu abadala ngoba isuke ihlinzekelwe zona,” kuqhuba uNgqongqoshe uShinga.

Uphinde wacacisa ukuthi lesi sinqomo sokutholela izaguga amakhaya amasha abasenzanga bodwa, kodwa amalunga emindeni ayekhona kwavunyelwana. Kulezi zikhungo kunabahlengikazi, osonhlalakahle, abanakekela abantu abadala, abahlanza amagumbi, abaphekayo njalo njalo.