Uncategorised

LUSEYINZUKA SIKEYI OLWAMANZI ESIBHEDLELA EMSHIYENI

UMBIKO: NELISIWE MAGWAZA

LUSEYINZUKA-SIKEYI udaba lokungabi bikho kwamanzi osekudonse isikhathi eside esibhedlela eMshiyeni eMlazi.
Lokhu sekwenze uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi angenelele kuloludaba, ngemuva kwesiteleka, esithathe cishe amasonto angaphezulu kwamabili, bekhala ngokuthi lesi sibhedlela sisebenza singenawo amanzi aphuma empompini.
UNgqongqoshe Simelani-Mngadi ngesikhathi egasele kulesi sibhedlela ukubuka isimo, uthe ukulimala kweziphehlimanzi kwenzeka ngezikhukhula zangonyaka wezi-2022.
“Nakuba zikhona izinkinga zamanzi kodwa isibhedlela siyasebenza nezindlu ziyasebenza. Sizovala ama-theatre amabili kulawa ayi-7, ukunciphisa indawo ezohlinzekwa ngamanzi,” kusho uSimelane-Mngadi.
UMnuz Msizi Shabalala oyibamba kumnyango kwaWater and sanitation uthi iziphehli-manzi zabo zilimele, azikwazi ukuphakelena amanzi ngendlela.