KUBOSHWE ABAYI-21 ABANGENAZO IZIMVUMO UZOKUBA KULELI

UBrigadier Sakhengenkosi Zuma oyi- Deputy District Commissioner eThekwini echazela uNdunankulu uMnu Thami Ntuli ngabakutholile ezitolo zabokufika.
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli useshayele ihlombe amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngomsebenzi omuhle, wokushaqa abokufika abangena ngokungemthetho kuleli, ngesikhathi kunomkhankaso obizwa nge-Engangeni Ngesango Iyafohla edolobheni eThekwini.
UNdunankulu uNtuli namaphoyisa begasele ezitolo zabokufika kungazelele muntu, ngenhloso okulwa nokuba a ngabokufika abangenazo izimvume, okubalwa abanezitolo nokuqeda Ukudayiswa kwempahla ezingakulungele Ukudliwa nezingekho emthethweni.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngizoba yingxenye yomkhankaso wamaphoyisa ohlale ukhona ngaso sonke isikhathi. Sithole abantu abangama-21 abalapha ngokungemthetho, sathola inqwaba yezimpahla ezingekho emthethweni. Inkinga enkulu sithi uma sibabuza ukuthi bazithenga kuphi bathi nabo abazi kodwa kufika imoto izobalethela impahla abasuke beyi-odile,” kuchaza uNdunankulu.
Uqhube wathi lo mkhankaso ube impumelelo njengoba izitolo eziyi-13 zivaliwe, njengoba bezisebenza ngaphandle kwamaphepha agunyaziwe. Uthi amaphoyisa kufanele ashayelwe ihlombe futhi esekwe ngoba enza ezibukwayo ngomsebenzi wawo omuhle obuyisela ithemba wonke umuntu. Uveze ukuthi enye into okufanele ibhekwe ukuthi le mpahla elapha ngokungemthetho ingena kanjani kuleli. “Ngomhlaka 3 kuLwezi ngizovakashela eNgwavuma, emngceleni weSwaziland neKwaZulu-Natal, ngiphinde ngelinye ilanga ngivakashele emngceleni waseLesetho neKwaZulu-Natal ngibuke ukuthi uhlelo lwakhona luhamba kanjani ngoba sengike ngaya emngceleni weMozambique neKwaZulu-Natal. Lokhu kuzosiza ukuthi sithi sixoxa noNgqongqoshe kuzwelonke sibe sazi ukuthi konakele kuphi,” kuqhuba uNdunankulu.
Ube esegcizelela kulaba abanezitolo futhi abanezimvume zokuba kuleli, ukuthi kufanele baqashe abantu bakuleli bengalandi abantu bangasemakubo.
Kulomkhankaso bekunoMnyango wezaSekhaya, owabaSebenzi namaphoyisa kaMasipala weTheku.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku ematasa ebheka izinto ezingekho emthethweni.
