UTHEMBISA INTO YAMEHLO UNTOMBEMHLOPHE KWEZOMCULO

U-ANITHA Nizole Slere wodumo lwengoma ethi “MAMA”. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UMCULI osafufusa owaziwa ngoNtombemhlophe, ogama lakhe langempela kungu-Anitha Nizole Slere, uthi uzokwenza ezibukwayo kumsebenzi olandelayo azowukhipha kulandela ukuthi ingoma yakhe esihloko sithi “Mama” ithole indondo ye-platinum.
UNtombemhlophe uzalelwa eMbalenhle, eMpumalanga, kodwa wakhulela e-Eastern Cape, lapho echithe khona iminyaka engama-16 ehlala nomndeni wakhe emjondolo.
Uthi phezu kobunzima abhekane nabo kodwa waqhubeka nokusebenza kanzima ezifundweni zakhe, uthole iziqu zeBachelor of Arts in Development Studies, e-University of Johannesburg.
Uthi uthando lwakhe lomculo lwaqala esemncane emakhwayeni esikole, nasekuculeni izingoma zesintu emicimbini yomphakathi kanjalo nasemasontweni.
Uthi wabe esejoyina iSniper Entertainment waba owesifazane wokuqala ukusayinwa yile nkampani ngaphambi kokuthi ajoyine i-Asanda Empires.
“Ingoma ethi “Mama” ngipike uTee S Papah, yabe isikhishwa u-Anuza SA. Le ngoma ngayisusela engomeni yesiXhosa yesintu ethi Angalila Umama. Le ngoma isabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuTikTok lapho isetshenziswe khona ezinkulungwaneni zamavideo, yaphinde yathola izigidi zama-streams kuYouTube, Spotify kanye neBoomplay,” kusho uNtombemhlophe.
UNtombemhlophe uqhube wathi izingoma ezikhuluma ngomama zimthinta kakhulu, njengoba ekhule engenaye umama wakhe. Le ntokazi iphinde yaziwe kakhulu ngokuhlanganisa izinhlobo zomculo ezifana ne-Amapiano, Afro House neSplash music, futhi iyaqhubeka nokuzakhela igama njengomunye wabaculi abasafufusa abathembisayo eNingizimu Afrika.
