Uncategorised

UNDUNANKULU UNIKELELE ZABAFUNDI NGEZIPHO ENKANDLA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma nabafundi bezikole ezingaphansi kukaMasipala waseNkandla.

ABANYE babafundi abazozizwa befana nabanye begqoke umfaniswano wesikole iphelele. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

INYANGA kaNhlolanja yaziwa njengenyanga yothando, lapho omunye ekhombisa uthando komunye, abafundi bezikole ezine zaseNkandla abaqhamuka emakhaya adonsa kanzima nabo abasalanga ngaphandle, ukuthola uthando nezipho kuNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli.
UNdunankulu uNtuli ubevakashele abafundi, ebaphathele izipho zomfaniswano.
UNdunankulu evakashele eSenzela Secondary School, uMzikazi Primary School, Vumanhlamvu Secondary School kanye naseNkandla High School okuyindawo lapho uNdunankulu azalelwa khona, wafunda khona, wasebenza khona ewuthishanhloko waze waba iMeya kaMasipala waseNkandla.

Uthi ubakhuthaze ngokuthi bagxile futhi bazinikele ezifundweni zabo ukuze babe nekusasa elihle neliqhakazile.
“Ngifuna nigxile ezifundweni zenu, nisebenze kanzima ukuze nizothola imiphumela engcono kakhulu ekupheleni konyaka. Kunina ngibona abaholi bakusasa. Ngifuna nibe ngcono kakhulu nisedlule sonke lana. Abaningi bethu babeqhamuka emakhaya adonsa kanzima kodwa asisivumelanga isimo esiqhamuka kusona ukuthi silimaze ikusasa lethu. Nani ngiyanikhuthaza ukuthi ningabheki imumva lenu kodwa bhekani ikusasa lenu ngesikhali semfundo eningeke nisiphucwe muntu,” kusho uNdunankulu Ntuli.

UNdunankulu ubephelezelwa iMeya yoMkhandlu wase-King Cetshwayo uCllr Sikhumbuzo Dlamini, iMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, amakhansela nabanye abaningi.