Uncategorised

ABASETAFULENI BAKHALA NGOKUSHODA KWEZITHUTHI

ABAHLALI baseTafuleni kaVulindlela, eMgungundlovu, bakhala ngokushoda kwamabhasi. ISITHOMBE: FACEBOOK

LINDELWA MAGWAZA

ABAHLALI baseTafuleni kaVulindlela, eMgungundlovu, bakhala ngokushoda kwezithuthi zomphakathi, kulandela ukuthi abanikazi bamabhasi beshaya ngolonwabu, bethi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, awubakhokhele izinyanga ezimbili.

Lawa mabhasi eSizanani Mazulu Transport (SMT), bathi ayagcwala, kanti kubona lobo bumnyama avele akhuphula imali yokugibela, ekubeni engekho nasesimweni esihle njengoba egxaza imvula uma lina. Abahlali bathe amabhasi awasakwazi ukubathwala bonke, okwenza abanye bengayitholi indawo ngenxa yokugcwala, nakuba benamakhophoni okusebenzisa amabhasi.Bathe izindawo abahlala kuzo zikude nomgwaqo omkhulu, kanti namatekisi awafiki kuzona, okubaphoqa ukuthi bahambe ngezinyawo, kwesinye isikhathi sekuhlwile.

“Amabhasi akhuphule imali yokugibela ngamaphesenti ayi-10, kodwa asavuza futhi angcolile. Sicela basibheke njengomphakathi basisize ukuxazulula le nkinga,” kusho ilungu lomphakathi. UYaseen Mohammed waka-SMT uthe abakwazi ukufaka amanye amabhasi ngaphandle kokuxhaswa uhulumeni. “Inkinga ukuthi amabhasi engeziwe angeke akwazi ukusebenza ngaphandle koxhaso lukahulumeni. Imizamo yokuthola uMnyango weZokuthutha ukuze kuxazululwe lolu daba nayo ayikaphumeleli,” kusho uMohammed.

Uqhube wathi ukuhamba kwamabhasi kungase kuphazamiseke mhla ziyi-14 kuNcwaba, ngenxa yokungakhokhelwa kwe-SMT uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili.Abahlali bathi bafuna umnyango ubheke le nkinga ngokushesha, njengoba izithuthi zibalulekile, yizona ezibayisa emsebenzini, nasemakhaya.