UKHAWULA UQOKE ISIGUNGU SEZOBUCIKO E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UMNYANGO wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali, umemezele amalungu eKZN Arts Council okuyisigungu esizosingatha imboni yezobuciko.
UNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula uqoke lesi sigungu, ngemuva kokuthi kwahlakazwa esidala eminyakeni eminingi eyedlule sesiphelelwe Isikhathi.
UNgqongqoshe uKhawula ukuqinisekisile ukuqokwa kwalesi sigungu iKZN Arts Council, nathe unethemba lokuthi sizokwazi ukuthuthukisa ezobuciko nokubhekelela izikhungo ezobuciko ukuthi zithuthuke.
UKhawula wethule ngokusemthethweni lesi sigungu esiholwa uMnuz Themba Ndulini emhlanganweni othathe izinsuku ezimbili, wokucobelelana ngolwazi oqale ngoLwesihlanu eThekwini.
“Nginethemba lokuthi ukusebenza kwalesi sigungu kuzothuthukisa izindawo ezobuCiko namaSiko zikwazi kuzithuthukisa. Lezi zikhungo kufanele zifunde ukuqhamuka nezindlela zokuzingenisela imali, zingangciki ekukhangezweni uhulumeni, “ kusho uNgqongqoshe Khawula.
Ube esezibophezela ukweseka lesi sigungu kumshikashika wokuvumbulula amakhono kulo mkhakha , ukuwathuthukisa nokuwachumisa.
Usihlalo owumacekeceke we-KZN Arts Council uMnuz Themba Ndulini uyivumile inselelo, yokuthi yena nethimba lakhe bazoqhuba ngobuqotho basebenze ngokuzikhandla ukubeka ubuciko namasiko kwibalazwe ngokubamba iqhaza ekuthuthukiseni ezomnotho.
