Uncategorised

I-ANC IKHUTHAZA AMAVOLONTIYA UKUTHI ASEBENZE NGOKUZIKHANDLA ETHEKWINI

UMDIDIYELI we-ANC uSimiso Mkhize ngesikhathi ekhuluma namavolontiya.

AMALUNGA e-ANC. IZITHOMBE: KZNANC

NOMCEBO NGEMA

UMDIDIYELI wombutho i-African National Congress (ANC) kwisifunda saseThekwini uSimiso Mkhize, utshele izinkumbi zamavolontiya ka-ANC ukuthi kufanele anyuse umfutho wokusebenzela umphakathi.

UMkhize ukhulume kanje namuhla eCurnick Ndlovu Zone (ward 41), KwaMashu okuyindawo yangakubo, esola amavolontiya ngokwehlisa umfutho ekubhekeni izinto ezikhathaza umphakathi.
Uthi uma amalunga e-ANC engavula amehlo abheke okwenzeka emphakathini, i-ANC ingenza kahle okhethweni loHulumeni Basekhaya.
“Umphakathi udinga thina ukuthi siwusize ngezinkinga ozikhungethe, yingakho kufanele sihlale sivivile ukusiza. Sicela nizibandakanye nazo zonke izinhlaka zomphakathi ukuze kuzoba lula ukuthi thina sisheshe siphuthumise izidingo zomphakathi”, kusho uMkhize.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ilungu lesigungu esiphezulu se- ANCYL uMandisa Dhlamini, uNobhala we- ANCYL eThekwini uNokulunga Khuzwayo nethimba lakhe, amakhansela onke aseCurnick Ndlovu Zone namavolontiya e- ANC.