Uncategorised

UMKHWANAZI UFISELA INDLELA ENHLE IQEMBU LASEBAQULUSINI

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ifisela iqembu lebhola laseBaQulusini indlela enhle. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, ifisele iqembu lebhola lalo Masipala indlela enhle, nokudlala okuhle njengoba liyodlala kwi-Work And Play Championships.
IMeya iyale abadlali ngokubaluleka kokuziphatha kahle, ukuzihlonipha ekuhambeni njengoba bezobe bemele lo Masipala.
“Nginifisela konke okuhle, ngicela nisimele kahle lapho niya khona. Nidlale ngokuzimisela ninqobe,” kusho iMeya uMkhwanazi.