EKAMCHUNU NOMKHWANAZI IVUNDULULE AMANYUNDULULU

UMBIKO: ANELE ZUMA
umusamedia1@gmail.com
NAKUBA kubonakala uKhomishana waKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi evulele ikopi leminyovu elibhekise kuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwe lonke osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, kodwa kubonakala kuvuka amanyundululu eceleni.
Lokhu kuhlaluke obala ngesikhathi iScrolla Afrika sibika ngokuthi konke okwenziwe bekuyitulo okuthinteka kulo lowo onguMholi weqembu uMkhonto weSizwe (MK) Party uMnuz Jacob Zuma, yilowo okuke kwandiza amahlebezi wokuthi usebenzisana neMKP kodwa owaziwa njengelungu le-ANC nalowo oke waba uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ukuthi kuqunjwe phansi uMnuz Senzo Mchunu.
Ngokusho kwaleli phephandaba iScrolla Africa, kuthiwa uMnuz Mchunu usephenduke iqaqa kubaholi njengoba ebelwa nenkohlakalo emaphoyiseni, okuzokwenza kuvele amanyundululu abo.
Kuvele ukuthi kakugcini ngamanyundululu kuphela kodwa besabela ukuthi uma kungenzeka aqokwe njengoMengameli we-ANC ngonyaka ka-2027 kuzokwenza abe semathubeni amaningi ngoba amarekhodi akhe mahle ikakhulukazi kwinkohlakalo.
UDkt Zweli Mkhize ukuphikile ukuthi uke waba nomhlangano phakathi kukaMnuz Cele noMnuz Jacob Zuma.
