Uncategorised

UQWEQWE LWENTATHELI LUTSHALE ULWAZI KWABESIFAZANE

ZETHU PHOSWA

UKHUTHAZE ukulandela imigomo yezobuntatheli ngokuncika kwiqiniso ngokungachemi, owesifazane osemnkantshubomvu ebuntathelini.

U-Ayanda Mhlongo ubeyisimenywa ebesikuphaneli ukuzodingida ngokwehlisa ngezinto ezithinta abezindaba, emcimbini wabesifazane obuhlelwe yi-US Embassy obizwa ngeWomen In Media, obuseBat Centre eThekwini, izolo.

Abaheli bo mcimbi bathe inhloso ukuzocijana kwabesifazane ngolwazi, oluzokubakhulisa nozokwenza kubuye isithunzi sabezindaba.

U-Ayanda onguMhleli wezindaba kwaSABC uthe okubalulekile uma ubhala noma wethula udaba, ubuqotho nokwethembeka.
“Ukutholakala kwezindaba ezinye ezingelona iqiniso noma ezingabhalansile, akungakwenzi wena njengentatheli ewufundele umsebenzi ufane nabangawufundele. Intatheli kufanele ihlale ilwela ukuba ohlangothini lweqiniso, iqinisekise ukuthi udaba luyilo yini,” kusho u-Ayanda Mhlongo.
Le ntokazi esiyihambile le ndima, isisebenze isikhathi esilinganiselwa eminyakeni eyi-20, ithi igama uyazakhela ngendlela yokusebenza uncike kakhulu kwimigomo yabezindaba.
“Usungamane ubike ube ngumvakwezinye kunokuthi uphakele abantu izindaba eziluhlaza ngoba ujahe ukuthi nguwe obike kuqala. Uma ukulo mkhakha kufanele uqinisekise ukuthi awutapi iqanda lenjelwane ngombiko wakho kodwa qinisekisa ukuthi ukubuka kwakho kuyiko,” esho.