Uncategorised

UMSUNDUZI UHAMBA PHAMBILI NGABAHAQWE YISANDULELA NGCULAZA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli nongqongqoshe bekhanyisa ikhandlela bekhumbula abadlula emhlabeni ngenxa yaleli gciwane. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE .

NOMCEBO NGEMA

KUVELE ukuthi sihamba phambili isifunda saseMsunduzi ngezibalo zabantu abahaqwe igciwane lesandulela ngculaza, isifo sofuba kanye nabanezifo ezithelelana ngokocansi (STIs), ngesikhathi kugujwa usuku iWorld Aids Day, eCaluza Sports Centre, eMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi kukhunjulwa bonke abadlula emhlabeni ngenxa yegciwane lengculaza, nokunikwa ithemba abaphila nalo.
“Isifunda uMsunduzi sihamba phambili ngo-19.5% wezibalo zabahaqwe igciwane lesandulela ngculaza ngokwezibalo zonyaka ka-2025/2026, okuyinto engeyinhle ukuthi sidlule isifundazwe sona esihlezi ku-16%, “ esho.
Uthi bazohlala ikhwelo lokunqanda ukubhebhetheka kwengculaza nesandulela sayo kulendawo.
“Ukuba negciwane akusona isigwebo sentambo njengoba kwakushiwo eminyakeni ephambilini. Manje usuyakwazi ukuphila uma uyidla ngendlela imishanguzo yokuthithibalisa leligciwane. Usukwazi nokuthola ingabe engathelelekile uma uzinakekela, “kusho UNdunankulu uNtuli.
Uthi njengoba umbiko wezakamumva uveza ukuthi bangu-1,1 million abantu abayeke imishanguzo ngenxa yezizathu ezithile, yingakho uMnyango wezeMpilo usuqhamuke nohlelo olubizwa nge-Close The Gap abahlose ngalo ukubuyisela labantu abayeke imishanguzo.
Kulo mcimbi kukhanyiswe amakhandlela, okuwuphawu lokuhlonipha, laba adlula emhlabeni ngenxa yalesi sifo.