LINYUKILE IZINGA LOMJAHO WAMAHHASHI ENKANDLA

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya yaseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza ngesikhathi kuqhubeka iNkandla May Horse Racing.

AMAHHASHI etelebhela KwaNontshiza eNkandla.IZITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, uthi umjaho wamahhashi oba minyaka yonke iNkandla May Horse Racing ibalulekile kakhulu ngoba babona ngayo ukuthi osomabhizinisi bendawo bayathuthuka yini ngalolu suku. IMeya ikhulume kanje izolo ngesikhathi kunendumezulu yomjaho wamahhashi KwaNontshiza, eNkandla.
“Kusithatha isikhathi ukulungiselela lo mjaho ngoba sisuke sifuna ukuthi sigculiseke, siphinde sigculise umphakathi waseNkandla. Lo mcimbi ubaluleke kakhulu kithina sonke eNkandla ngoba yiwona esibona ngawo ukuthi osomabhizinisi bethu bayathuthuka yini ngalolu suku. Umjaho wakulonyaka wenzeke kahle kakhulu ngigculisekile, indlela abantu abaphume ngayo iyakhombisa ukuthi izinga linyukile. Osomabhizinisi bethu abancane bazolala behleka bodwa, bebona imisebenzi yabo yenzeke ngendlela eyiyona. Sikuqikelele kakhulu ukuthi osomabhizinisi abancane bathole izimvumo zokudayisa ukuze kungeke kufike abanye abantu bakwezinye izindawo bezodayisa,” kusho iMeya uNzuza.
Uphinde waveza ukuthi kuyamjabulisa ukubona lo mjaho ukhula unyaka nonyaka, wathi lokhu kuyabakhombisa ukuthi beyiNkandla ababancinyana njengoba bekhona nabantu abaqhamuka kwezinye izindawo. Uthi kuyamjabulisa ukubona abantu besifazane abancane bebambe iqhaza kulomjaho. “Ngiyafisa ukubona isibalo sabantu abasha sinyuka ngonyaka ozayo. Ngiyabonga kakhulu kubanikazi bamahhashi ngokwenza lo mjaho ube impumelelo, ojokhi kanye nani malunga omphakathi. Ngicela niqhubeke njalo niseseke,” kuphetha iMeya uNzuza.
Lo mjaho ubuhlukene izigaba eziyi-10, ihhashi elidle umhlanganiso uNkinga Entsha lakhala lemuka nomklomelo ka-R80 000.Lo mdlalo ubuxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.
