UZANELE MUHOLI UDLE UMHLANGANISO KOWEZITHOMBE E-SWEDEN

UZANELE Muholi

INDODO ayithole eSweden ngesikhathi edla ngezithombe. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
ZETHU PHOSWA
UMTHWEBULI wezithombe odumile waseNingizimu Afrika uZanele Muholi, uwine iHasselblad Award ka-2026, umklomelo wezithombe wamazwe omhlaba ohlonishwayo onikezwa minyaka yonke eGothenburg, eSweden.
Lo mklomelo, osungulwe ngonyaka ka-1980, ubheka abathwebuli bezithombe ngempumelelo enkulu, njengoba ukuthwebula kunomthelela wobuciko kanye nokuthonya izizukulwane ezizayo, futhi uthathwa njenge-“Nobel Prize noma iBallon d’Or” yezithombe.
UMuholi, ozichaza njengomuntu ongena kuhlobo lobulili olulodwa, uthe uzizwa ehloniphekile ngokwenza into eyamukelwe futhi ehlonishwa, emnika indawo yokumela umphakathi abangaphakathi kuwo. Lentokazi yaseMlazi izakhele udumo olukhulu kuleli ngokwenza imibukiso yezithombe ngomlando nempilo yabathandana nabobulili obubodwa, kanye nokulwela amalungelo. Eminye yemisebenzi yakhe edumile iSomnyama Ngonyama, Faces and Phases. Ngo 2023 wahlonishwa iUniversity of Liege e-Belgium ngeziqu zobudokotela.
“Sekuyiminyaka umsebenzi wami ugxile ekubonakaleni nasekumelaneni. Bekuwukudala indawo yokugcina umlando ukuze kungabi khona umuntu ongathi, ‘Besingazi.’ Uma ngithola lokhu kuhlonishwa, ngikwamukela egameni lomphakathi wami; labo abake basuswa, labo abasekhona, nalabo abasazozibona bekhunjulwa ngenhlonipho, ” kubeka uZanele.
Njengengxenye yomklomelo, uMuholi uzothola izigidi ezi-2 zamaKrona aseSweden (cishe R3.5 million), indondo yegolide kanye nekhamera yeHasselblad. Bazophinde bathole ithuba lokukhombisa umsebenzi wabo embukisweni owodwa eHasselblad Center kusukela ngo-Okthoba kulo nyaka kuze kube uMbasa 2027.
Lokhu kuzoqhubeka kanye nemicimbi ehlukahlukene eGothenburg naseStockholm, okuhlanganisa umcimbi womculo, ukwethulwa kwencwadi, isemina, umcimbi wokunikezwa umklomelo kanye nengxoxo yobuciko
U-CEO weHasselblad Foundation, uKalle Sanner, uthe le nhlangano ibheke ngabomvu ukwethula izinhlobo ezahlukene zomsebenzi kaMuholi kule ntwasahlobo eHasselblad Center. “Ngiyajabula kakhulu ukuthi uZanele Muholi uthole umklomelo we-46th Hasselblad. Emsebenzini wakhe wobuciko, uMuholi uhlanganisa izithombe nomzabalazo wokulwa, edala imisebenzi enamandla nenomthelela omkhulu lapho amalungelo abantu eyisiSekelo,” esho.
