Uncategorised

KUHLEHLE UMJAHO WAMAHHASHI NGENXA YESIFO SAMATELE

LUZOMENYEZELWA usuku lwe-Harry Gwala Summer Cup uma sesiphelile isifo samatele. ISITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

UKUBHEDUKA kwesifo sezilwane ezinezinsele sezinyawo ngomlomo, sekuholele ekutheni kuhlehliswe indumezulu yomcimbi iHarry Gwala Summer Cup Traditional Horse Racing, ebizokuba mhla zingama-22 kuLwezi (ngoMgqibelo) e-Underberg eMakhuzeni.
Lesi sinqumo sithathwe ngemva kokuthi inhlangano i-Underberg Farmers Association, izwakalise ukukhathazeka kwayo kubahleli bomcimbi ngokusabalala kwalesi sifo, kuyona yonke imikhandlu eyakhele iKwaZulu-Natal.

Lo mcimbi womtelebhelo wamahhashi usuke uhlelwe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngokubambisana ne-KZN Traditional Horse Racing Association, iHarry Gwala District, iDr Nkosazane Dlamini-Zuma Local Municipality nabanye.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi basemukela ngezandla ezimhlophe lesi sinqumo ngoba bakubeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi ukuphepha komphakathi kanye nenhlalakahle yawo.
“Lokhu kuhlehliswa kwalomcimbi kwenziwe emva kokuthi kuxhunyanwe nabo bonke abathintekayo kanye nababambiqhaza ukwenza isiqiniseko sokuthi asibeki isifunda sethu ebungozini obebungagwemeka. Sizimisele ukweseka lo mjaho wamahhashi osendaweni yasemakhaya futhi luzomenyezelwa usuku olusha uma sekuphephile ukuthi wenzeke lo mcimbi,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.