Uncategorised

USEKHONJWE IGEDE UMQEQESHI WE-TS GALAXY

SEKUGQABUKE igoda phakathi kuka Adnan Beganovic ne-TS Galaxy.

UBernard Parker ozohola iqembu okwesikhashana. IZITHOMBE: SABC Sport

MALIBONGWE MAZIBUKO

IQEMBU leTS Galaxy seliqinisekisile ukuxoshwa komqeqeshiu-Adnan Beganovic nomqondisi wezobuchwepheshe, uNermin Basic, kulandela imiphumela emibi yakamuva kuBetway Premiership.Lokhu kuza ngemuva kokuthi iGalaxy ihluleke ukunqoba emidlalweni yayo engu-10 edlule, ihlulwa eyisishiyagalolunye yadlala ngokulingana kowodwa kuphela.

Le miphumela ibeke iqembu esimweni esinzima, okwenze abaphathi bathathe isinqumo sokwenza ushintsho.UBeganovic waqokwa mhla ziyi-9 kuLwezi 2024, ethatha izintambo ku-Sead Ramovic owayesulile esikhundleni.Ukuxoshwa kukaBasic kanye noBeganovic kukhombisa ukuthi iqembu lifuna ukwenza izinguquko ezinkulu kwezobuchwepheshe ngenhloso yokuphendula isimo ngaphambi kokuphela kwesizini.

IGalaxy manje ibheke umdlalo wayo olandelayo lapho izobhekana khona ne-Magesi FC ngeSonto, zingama-26 kuMbasa 2026 ngo-18:00 emdlalweni weBetway Premiership. Kulindeleke ukuthi iqembu liholwe uBernard Parker kwesokuqeqesha okwesikhashana kulemidlalo ezayo kanye nowamanqamu eNedbank Cup.