Uncategorised

IMEYA ICHOMA UPHAPHE LWEGWALAGWALA OTHISHA BASE-MFOLOZI

IMEYA uCllr Xolani Bhengu eklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso.

SIYABONGA PHAKADE

IMEYA kaMasipala waseMfolozi uCllr Xolani Bhengu ibonga othisha bezikole ezingaphansi kwalomasipala ngokuzinikela emsebenzini wabo.

IMeya isho kanje ngesikhathi ithula inkulumo yayo emcimbini wokubonga nokuklomelisa abafundi abenze kahle kwimiphumela kamatikuletsheni yonyaka odlule, lo mcimbi ubusehholo edolobheni KwaMbonambi. Iqhube yathi othisha babambe elikhulu iqhaza njengoba kade bedela nezimpelasonto zabo beze emsebenzini.

Ibe isinxenxa yaphinde yakhuthaza ikilasi lalonyaka ukuthi lingabe lisabheka emumva kodwa lenze kahle kakhulu, liphinde libeke isifundazwe kwibalazwe.

Ikilasi lonyaka ka-2025 KwaZulu-Natal lishaye zonke izifundazwe laphuma phambili ngo-90.6%.