
KUPHUME ISIDUMBU KUBUNGWAZA INTWASAHLOBO
MZWANDILE MHLONGO
UKWENAMA kuphenduke ukukhala, ngesikhathi intsha yaseTshwane ibungaza intwasahlobo ngokuthela abantu ngamanzi, njengoba kugcine ngokuthi kushone oyedwa.
Kulesi sigameko kuboshwe owesilisa oneminyaka engama-53 ubudala, osolwa ngokugwaza abulale uTshepang Nyathi, oneminyaka engama-21.
Ngokwemininingwane etholakele, lesi sigameko senzeke ngemuva kwengxabano ebiphakathi kwalaba ababili kubangwa ukuthelwana ngamanzi
Ingxabano igcine isiphenduke impi, kwathi uNyathi wagwazwa washona.
Owesilisa oneminyaka engu-53 ubudala uboshiwe mayelana nalesi sigameko.
Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo, ukuze kutholakale imbangela eholele ekufeni kukaNyathi.
