Uncategorised

UMASANGWANA UNDIZELA PHEZULU

UZIPHELELE Masangwana ongunoziti we-All Stars FC.

ZETHU PHOSWA

UNGOWESIFAZANE obesephonse ithawula ekudlaleni ibhola, kulandela ukungagqami kubantu abangakwazi ukubona ithalente kuye, ngenxa yokuba esendaweni yasemakhaya, uZiphelele Masangwana.
UMasangwana ungunozinti odlalela iqembu elizinze eNewlands eThekwini, ungowokudabuka e-Eastern Cape, nakuba i-All Stars imthole eseseKapa.
Lo nozinti oyiphatha njengoba enekhono lokukhahlela ishodi ngesinxele nangelesokudla, uthi ibhola lisenhlizweni kuye.
“Ngiqale ukudlala ibhola ngineminyaka eyisithupha, kodwa like langiphuma. Abantu ebekufanele babone ikhono lami bengingakwazi ukufinyelela kubo,” esho.
Uthi kuthe eseliphonsa ithawula, kanti kungesikhathi sekuzovuleka amathuba, wahlangana nabantu ababona ikhono kuye bamgqugquzela.

Uncome imidlalo efana neKZN Ubhuqu njengaleyo engabuyisa ithemba kubantu abasaqala abafuna ukungena kwi-club development,
“Ngingathi abantu ababe nokubekezela ngoba ibhola linesikhwele, alifuni ukuthi ulishebe nezinto eziningi. Sikhula kwesinye nje isizukulwane esinezingqinamba zaso. Ibhola lisiza nokuthi ugweme izihibe eziningi. Ibhola likwenza ukuthi ucabange ngendlela ehlukile. Mawuhlangana nabantu yakha amathuba uwasebenzise,” ephetha