Izindaba

I-STRIKERS FC IBE NGOMPETHA KOWE-INKANDLA MAYORAL CUP

I-STRIKERS FC ebe ngoshampiyono kwi-INkandla Local Municipality Mayoral Cup 2026.

IMEYA yakuMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza. IZITHOMBE: UMUSA MEDIA

AKHONA DLAMINI

UBE besasasa owe-Inkandla Local Municipality Mayoral Cup, obufake neMayoral Race, okuwumqhudelwano wemidlalo eyahlukene wabasubathi, ebihlelwe uMasipala waseNkandla mhla ziyi-26 kuMandulo, ezinkundleni zemidlalo.

IMeya yaseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, uthe bonke abangene lo mqhudelwano bebezimisele kakhulu, iStrikers FC esibe ngompetha, bebezimisele kakhulu, nabagijimi bebezimisele kakhulu futhi bebonakala ukuthi bese belilindele ngabomvu lolu suku.

“Kungijabulisile ukubona amaqembu ebhola ezimisele kangaka. Abadlala isibhakela nabo kubonakale ukuzimisela okukhulu. Abagijimi bebephumelela kakhulu futhi bebezimisele kubonakala ukuthi kade balulangazelela usuku lo mjaho, kwazise bekungokuqala kulo nyaka lomunxa uba khona, kanti babe Chess bebengazibekile phansi. Nakuba nyakenye lalinyukile izinga kodwa siwanyuse kakhulu amasokisi kulo nyaka. Ubona nangendlela abantu abaphume ngayo bezobuka,” kubeka uNzuza.

Uqhube wathi nenani le miklomelo ebelitholwa abanqobile lithe ukuthi xaxa.
“Ngonyaka odlule iqembu elabaqwaqwada bonke emakhanda lathola izinkulungwane ezingama-R25 000, 00 zamarandi. Kanti kulo nyaka inyukele ezinkulungwaneni ezingama-R30 000 ,00 zamarandi. Abazophuma isibili bazohamba nezinkulungwane ezingama-R20 000,00 , abesithathu kuzoba izinkulungwane eziyi-R10 000, 00 zamarandi,” kuqhuba yena.

Ube esebonga abaxhasi abafake isandla okubalwa MTN, KFC nabakwa-Aquelle.