
UGQUGQUZELE UKUZIPHATHA KWENTSHA OWE-FPTP

I-From Prison to Palace Crime Awareness Campaign ethathe izinsuku ezinhlanu. IZITHOMBE: STHEMBISO PRO NDLOVU
AKHONA DLAMINI
USOMAHLAYA osezenzele igama endimeni, uSithembiso Pro Ndlovu, usebenzise isigameko esibuhlungu empilweni yakhe, ukucija abafundi ngobungozi bobugebengu, ijele nokubaluleka kokwenza izinqumo eziphusile .
Le nsizwa edabuka eMgungundlovu ephinde ibe ngumsunguli weFrom Prison to Palace Crime Awareness Project, ithe ngalolu hlelo nethimba lakhe bebehlose ukuqwashisa abafundi mayelana nobugebengu nezingozi ezingabangelwa ukuzibandakanya ezenzweni zobugebengu.
“Kuleli sonto sivakashele izikole ezinhlanu eNanda, ngenhloso yokuqwashisa abafundi. Mina ngaboshelwa icala lokubulala engingalenzanga , ngagwetshwa iminyaka eyi-18. Ngahlala eyi-7 ngaphambi kokuba inkantolo ibone ukuthi ibinephutha. Esikhundleni sokuvumela lesi sigameko singidikibalise, ngithathe isinqumo sokusiphendula isifundo nethuba lokusiza abanye abantu, ikakhulukazi intsha esezikoleni njengoba kushiwo ukuthi lugotshwa lusemanzi,” kubeka uNdlovu.
Uqhube wathi ubonga kakhulu ababaxhasile kulolu hlelo, wathi nalabo abasafisa ukufaka isandla bamkelekile, ukuze bahambele izikole zakuleli njengoba kukhona esezifake izicelo ebezingekho ohlwini. Kuleli sonto i-FPTP ivakashele iNtshisekelo Secondary School, iZiphembeleni High School, iJG Zuma Secondary School, iMachobeni Secondary School ne-Igugulabasha Secondary School.
