IBANYANA IGUQISE INIGERIA KOWOHLUNGELA INDEBE YOMHLABA

IZIBEKISELE indawo iBanyana Banyana emidlalweni ye-inter confederation qualifiers, iguqisa iNigeria ngo 2-1.ISITHOMBE: Sowetan
MALIBONGWE MAZIBUKO
IBANYANA Banyana isiqinisekise indawo emidlalweni ye-inter-confederation qualifiers yeNdebe yoMhlaba yeFIFA yabesifazane ka-2027, ngemuva kokunqoba iNigeria ngo 2-1 emdlalweni obushubile obuseMoulay Rachid Stadium ngoLwesine.
Amagoli kaThembi Kgatlana noRefiloe Jane, aweze iqembu lakuleli kodwa elihlulekile ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba ngokungena kwamane adlulele kowandulela owamanqamu we-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) eqhubekayo eMorocco. Lo mdlalo ubuyithuba lesibili kula maqembu abalwa njengahamba phambili e-Afrika.
Ngenxa yokwehluleka ukufinyelela ezigabeni ezazinikeza amathuba okungena ngekhasi likabhanana eNdebeni yoMhlaba, womabili la maqembu bekumele alwele elinye ithuba lokugcina lokuqhubeka nomkhankaso wawo, wokuhlungela lo mqhudelwano omkhulu womhlaba.UKgatlana uphinde wakhombisa ukuthi ungomunye wabadlali ababalulekile kuBanyana Banyana, ngesikhathi ebeka iqembu lakhe phambili ngelinye lamagoli akhe abalulekile.
UJane ushaye elesibili elingcwabe iNigeria ethole iphenathi umdlalo usuyophela. Ukunqoba kunikeze iqembu laseNingizimu Afrika ukuzethemba okusha, njengoba selibheke esigabeni esilandelayo sokuhlungela iNdebe yoMhlaba. IBanyana isijoyina iGhana ethole indawo ngemuva kokunqoba i-Ivory Coast, njengabamele i-Afrika emidlalweni ye-inter-confederation playoff ezoba ngoLwezi.
Kule midlalo, la maqembu amabili ase-Afrika azohlangana namanye amane avela kwamanye ama-confederation, elwela izindawo ezisele kwiFIFA Women’s World Cup ka-2027.
