INJABULO KUVULWA INKULISA ESHOWE

IMEYA kaMasipala waseMlalazi uCllr Queen Xulu ethula inkulumo.

INKULISA ebivulwa ngokusemthethweni iMeya ngokubambisana nabakwa-Devine Life Society. IZITHOMBE: UMLALAZI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
KUQHILIKE izihlathi ngenxa yenjabulo kwizakhamuzi zaseManyameni ngaphansi kuka-ward 21, kuMasipala Umlalazi, ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni inkulisa yabantwana,iKukhanyakufikile.
Le nkulisa yakhiwe omsamariya abalungileyo beDevine Life Society, ngenhloso yokuthuthukisa imfundo kanye nokubuyisa isithunzi kojahidada ebekade befundela esontweni.
IMeya kaMasipala uMlalazi uCllr Queen Xulu, uthi kubalulekile ukuthi izingane zithole ukuqeqesheka zisencane. Ube eseshayela ihlombe ubudlelwane bemimyaka obuphakathi kukaMasipala kanye neDevine Life Society, okuyibona abenze ukuthi intuthuko isheshe ifinyelele emphakathini.
UMasipala awufikanga ulambatha kodwa ufike waxhasa ngezihlalo, amatafula, izipontshi, izingubo zokulala namathoyiza anhlobonhlobo.
Lezi zipho zizosiza ekwakheni indawo efanele, ephephile nenethezekile yokufunda nokukhula kwezingane iphinde iqinisekise ukuzibophezela kukaMasipala, ekuthuthukiseni ikusasa lezingane nomphakathi jikelele.
