Uncategorised

OWASE-NIGERIA UFUNA ABANTU BASHINTSHE UKUCABANGA NGABO

UMBIKO: NOBUHLE XIMBA

UMCULI wokholo waseNigeria u-Isiah Josiah ufuna ukushintsha isithombe esimbi ngabantu bangakubo eNigeria.
AmaNigerians asezakhele igama elimbi emhlabeni jikelele njengoba abaningi bebanuka enkohlakalweni efana nokushushumbiswa izidakamizwa, ukuthuthwa kwezingane ngenhloso yokubadayisela, abantu abazophusha umsebenzi wokudayisa ngomzimba (human trafficking), ukwehlisa imali ngomlenze (money laundering) nokunye okuningi.
Lo mculi, odume ngelikaKing Style, uthi usebe isakhamizi sakuleli iminyaka emihlanu. Uthe akuqaphelile ngesikhathi efika kuleli abantu bebemthatha ngenye indlela, becabanga ukuthi hleze naye ungumshungu munye nabakhaya bakhe.
Uthe yena uthi ukhule engumuntu kaNkulunkulu kanti ingakho eqome ukungena emculweni we-gospel njengoba esekhiqize i-albhamu ngaphansi kwenkampani i-Imagining Productions.
“Kule albhamu esihloko sithi Jehova uMalusi wami, ngifolosa ngengoma ethi Izulu engiyicula ngalo ulwimi ngoba ngifune umyalezo ungene kahle kubantu. Ukube bengithanda bengingenza umculo we Afro pop okuyiwona eNigeria abaningi abadume ngawo. Mina ngisifakile leso sigqi nese Afro pop kodwa izingoma zami zigxile okholweni,” kusho uKing Style.
Uthe ngokwakhe umuntu uma esegqunywe ejele akumele abantu bathi ungowakuphi ilizwe kuphela kumele bambize ngesiboshwa. Uthi isizathu sokuqamba i-Imagination ingoba ukholelwa ukuthi uma unamaphupho ayafezeka. Ukhumbule izigameko ezingezinhle athi zimehlele ngesikhathi enethwa izimvula ezama ukuthola ikhaya lokuqopha umculo wakhe. “Ngenhlanhla kaMdali sengikwazile ukukhipha umsebenzi omuhle nengicabanga ukuthi abanti bazowuthakasela.”
Ngaphandle komculo uKing Style uziphilisa ngomsebenzi wokuba i-interior designer njengoba esebenza ngezimoto. “Ngiphila impilo eqondile njengoba inkampani ikhombisa ukuthi eceleni komculo ngiyaphanta kanti namakhasimende ayawuthokozela umculo wami.”