KUTUSWA IGALELO LIKAMASIPALA WASEMLALAZI EMPHAKATHINI

IMEYA kaMasipala waseMlalazi uCllr Queen Xulu.

U-APHIWE Ndlovu ozobe evota okokuqala ngqa kukhetho lohulumeni basekhaya.

IZISEBENZI zakwa-IEC zisiza amalunga omphakathi ngokubhalisa. IZITHOMBE: UMLALAZI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
AZIWUVALI umlomo izakhamuzi ezakhele uMasipala waseMlalazi, ngothando nokunakekelwa ezikuthola kuloMasipala. Lokhu kulandela ukuthi uMasipala waseMlalazi, oholwa iMeya uCllr Queen Xulu, ulethe uhlelo lwekhomishana yokhetho ezimele kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), erenki yamabhasi edolobheni eShowe.
Inhloso yalokhu ukugqugquzela amalunga omphakathi ukuthi abhalisele ukuvota, aphinde azibheke ukuthi abhalisele kusiphi isikhungo.
IMeya ithi kuyayijabulisa ukuthi umphakathi owakhele izindawo eShowe uluthakasele kakhulu lolu hlelo njengoba ukwazile ukubhalisa, waphinde wazicinga ukuthi uzovota kuphi kulolu khetho oluzayo lohulumeni basekhaya.
“Ngijabule kakhulu ukubona abantu bekuthakasela kangaka ukuzibheka. Okungihlabe umxhwele kakhulu ukubona abantu abasha okuyibona abayikusasa laleli lizwe abaphakathi kweminyaka eyi-18 kuya kwengama-24 ubudala bezobhalisa, kwazise laba abaneminyaka eyi-18 ubudala bazobe bevota okokuqala ngqa kulonyaka ka-2026. Angeke sigcine ngokukhuthaza abantu lapha edolobheni kodwa sizophinde siphumele ngaphandle abakwa-IEC, sinxuse abantu ukuthi babhalise baphinde bazibheke,” kusho iMeya uXulu.
U-Aphiwe Ndlovu waseMbongolwane, ozobe evota okokuqala ngqa kukhetho lohulumeni basekhaya, ubonge uMasipala waseMlalazi nabakwa-IEC ngokuzifikela mathupha bezobabhalisela ukuvota. “Kade ngangifisa ukuzwakalisa ilaka lami kuhulumeni njengomuntu omusha, ngiyajabula ukuthi lesi sikhathi sesingificile nami ngizovota kukhetho lohulumeni basekhaya,” kusho u-Aphiwe.
