Izindaba

UNTULI UHLONIPHE ABANTU ABADALA KWAXIMBA

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula inkulumo eyibhekise kwizaguga.

OWAMI THABETHE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uhambele umcimbi woSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabantu Abadala(International Day of Older Persons), ehambisana namalunga esiShayamthetho obukwaXimba, eThekwini ngoLwesine mhla lulunye kuMfumfu, lapho kuqhakambiswe khona amakhehla nezalukazi njengabagcini bomlando, ulwazi namagugu esizwe.

UNdunankulu uthe uhulumeni waseKZN uyazibophezela ukuvikela amalungelo abantu abadala nokuqinisekisa ukuthi bayanakekelwa, banikwa inhlonipho nokuthi bathola usizo olubalulekile kwezempilo nezinsiza zikahulumeni.

“Abantu abadala yibona abayizinsika yolwazi namagugu. Uma singabahloniphi, silahlekelwa wumlando wethu futhi singuhulumeni sizimisele ukubavikela,”kusho uNtuli.

UNtuli ubuye wabalula ukuthi bazoqinisekisa ukuthi izalukazi azibi yizisulu zodlame olubhekiswe kubantu besifazane oludlangile. Izaguga ebezihambele lo mcimbi ziphiwe izipho okubalwa kuzo izingubo zokulala, izitifiketi namaphasela okudla.