BANYELWE INYONI EZANDLENI OSOMABHIZINISI BASETHEKWINI

UPHIKO lwamaLayisense amaBhizinisi kuMasipala weTheku, luhlomisa osomabhizinisi abasafufusa ngolwazi olubalulekile eClermont.

OSOMABHIZINISI belalele ngokucophelela emhlanganweni. IZITHOMBE: NONJABULO CHAMANE
AKHONA DLAMINI
IYAQHUBEKA imizamo yokufukula umnotho nokuxhasa osomabhizinisi abancane eThekwini.
Lokhu kuvele ngesikhathi uPhiko lweBusiness Licensing kuMasipala weTheku lubambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi ngezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi (Business Empowerment Workshop) ku-Wadi 92, eClermont.
Inhloso yalomhlangano ukucija osomabhizinisi abasebancane ngolwazi olubalulekile, olungabalekelela ekuthuthukiseni amabhizinisi abo, okubalwa ukufundiswa ngokubaluleka kokubhalisa amabhizinisi, ukulandela imithetho yedolobha, nokuhlonipha imvelo nokunye okuningi.
USphiwe Zwane onguMhloli wamaLayisensi kuPhiko lwezokuThuthukiswa koMnotho, uveze ukubaluleka kwalomhlangano ikakhulukazi emiphakathini eyayincishiwe amathuba phambilini.
“Inhloso yalo mhlangano ukuhlomisa umphakathi ngolwazi nangezinsiza ezizokwenza ukuthi ukwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni ube uhambisana nemithetho,” kusho uZwane.
